Umsakazi woKhozi FM uZimiphi ‘Zimdollar’ Biyela uthi akukho okungamhlanganisa noMthandeni ‘Igcokama Elisha’ ebumnyameni futhi ngisho ngabe kuthiwa bayazana ngasese yayingeke imenelise into yakhe njengoba ezwa kuthiwa ‘ingangenhlamvu’.

Isexwayiso, sibhala esikuzwe emsakazweni kwiVuma FM, ubeke kanje impela uZimiphi ekhuluma noJacinta izolo ephundula uMthandeni othe isinqe asazi ebusuku akasishayi emini, okushiye abaningi bezibuza ukuthi ngabe uqonde ukuthini.

Uthe ebuzwa ngakho ekhuluma oKhozini izolo ekuseni wanqaba ukwenaba, kodwa wakucacisa ukuthi uyamhlonipha uZimdollar futhu ucela abantu bamxolele ngesenzo sakhe sokumthuka esiteji emcimbini kamaskandi obungempelasonto.

Ephendula inkulumo yakhe ngesinqe ubeke kanje: “Mthandeni, ngiyakutshela uma kuwukuthi ulalele nawe njengamanje, uma kuwukuthi uyasatshwa eNingizimu Afrika, uZimiphi wakaBiyela akakusabi.

“Ngisho ngabe kuthiwa ungazi ebumnyameni noma kanjani, iqiniso laziwa yimina nawe ukuthi lobo bumnyama angibazi, Kodwa u-Ali owazikahle ukuthi ingakanani into yakho. Ingangenhlamvu…kusho ukuthi uma engazi ebumnyameni, leyo nhlamvu Jesu, bengingaba yini Nkosi ukudla ngikuthanda kangaka?”