Kungakapheli ngisho inyanga eqale ukusebenza kwiJozi FM umsakazi uPenny Ntuli sekunemibiko yokuthi sebemdlela umona abasakazi bakulesi siteshi njengoba bekhala ngokuthi ‘uphathiswa okweqanda’.
Ngokombiko weZimoja abasakazi beJozi FM, okuyisiteshi somphakathi esizinze eSoweto, kabaneme ngempatho enikezwa uPenny okusuke umsindo ezinkundleni zokuxhumana eveza ukuthi iGagasi FM belimholela malini.
Kwizinto ezikhalisa abasakazi kubalwa ukuthi uPenny ulethwa yi-CEO yesiteshi uMpho Mhlongo, aphinde ahanjiswe uma kuphela uhlelo lwakhe.
Umthombo uveze ukuthi noma ukufika kwakhe kukhuphule ukwaziwa kwesiteshi, ayehli kahle indlela phethwe ngayo.
“Selokhe efikile uyavakashelwa. Kufika abantu abamthandayo, abamzwelayo kanye nosopolitiki njenge-IFP Youth Brigade. Kufike ngisho umculi wowokholo uThina Zungu ezombona.
“Uyiswa ezindaweni zokudla zomtakabani njengeDisoufeng nakuVilakazi Street. Yebo siyavuma musha eGoli…kuzozwakala sengathi sinomona, kodwa sizolindela ukuthi nabanye abasha baphathwe ngalendlea uma sebeqashiwe.”
Ukufika kukaPenny kwiJozi FM kuyithathe kubalandeli abangaphansi kuka-100,000 kuFacebook uwodwa kwayibeka kwabangaphezulu kuka-250 000.
Ngaphezu kwalokho likhulu isasasa ngalesi siteshi njengamanje njengoba nabantu sebazi ngisho nezinhlelo nabasakazi abebengaziwa.