Umsakazi woKhozi FM uZimiphi ‘Zimdollar’ Biyela usegxeke isenzo sikaMthandeni sokungena esteji sesidlulile isikhathi sakhe emcimbini iMother of All Maskandi Festival.

UZimdollar ungene esiteji wahlwitha imicrophone kuMthandeni ongene ngesinyenyela esiteji, wamphelezela ngofuseg, okushaqe izethameli eziningi kulo mcimbi obusePeople’s Park ngoMgqibelo.

Ecacise ngesenzo sakhe uZimdollar uthe uMthandeni bekumele anandise ngabo-7, kodwa wafika ngabo-21:30.

“Kuthunyelwe ithimba lo mcimbi layokhuluma naye ukuthi ngeke esakwazi ukucula ngoba usuqalile umqhudelwano. Akekho umculi obezongena phakathi komqhudelwano. Uzanyiwe yena wangatholakala, ubesengazibambi izincingo, ayikho into ebesingayenza njengabahleli bomcimbi

Benze engathi bayezwa benoMasondo, badumisa izimoto baba ngabantu abahambayo. Yaphela leyo ndaba wahubeka umcimbi kodwa emva kwalokho uthe engabona ukuthi bayahamba laba, wajikela ngale steji, bafike baxosha uDJ, bafaka ingoma yabo ngenkani. Kuphi khona?

“Njengoba nithi ubevalelisa nje, ubevalelisa ngoba kuvalwe umsindo, ubengakaphefomi. Ubevalelisa ini? Ebe efakwe ubani esteji? Yindaba engawuhloniphi umsebenzi uMthandeni? Zonke lezi zimali ezikhishwe laphaya wumdlalo? Umdlalo kuyena? Kuyoze kube nini enabukeliswa uMthandeni ebheda, nimvume ebheda…uMthandeni angimzondi mina.”

UZimdollar ugcine exolisile ngokumthuka, wathi akazwani nokugitshelwa ekhanda kodwa.

“Mhlawumbe ngonile ngokuthi fusegi, benginyanyile. Ngiyaxolisa ngokumthuka. Angifuni mina umfana angigibele ekhanda…kakhulukazi ke okhuliswe yimi. UMthandeni uyilento ayiyona uphuma esandleni sami.

Uvale ngokuthi ucela abangani bakhe bamkhuze uma ebheda.