UMthandeni ‘Igcokama Elisha’ Manqele usecele ukuthi axolelwe uZimdollar ngendlela akhulume ngayo naye kwiMother of All Maskandi Festival emxosha esteji ngoba abantu abazi ukuthi ubhekene nani empilweni yakhe.
UMthandeni ubekhuluma ohlelweni lwasekuseni oKhozini lapho aveze khona ukuthi ngeke aziphathise okwaZimdollar ngoba usezivezile ukuthi uwumuntu onolimi olunenhlabathi.
“Akukuningi engizokusho bafwethu, empeleni, mhlawumbe sonke isizwe saseNingizimu Afrika siyamuzwa udadewethu njengoba ekhuluma njengamanje ukuthi uwumuntu onolimi olunenhlabathi, uthuka abantu…nabantu bayazizwela.
“Angicabangi ukuthi nami ngingagqoka ijazi elifanayo nodadeweuthu ngoba ngiwumuntu wesilisa. Sibhekene nenkinga enkulu yokuhlukunyezwa kwabantu besifazane. Siyakugqugquzela kakhulu ukuthi bahlonishwe abantu besifazane,” kuchaza uMthandeni.
Uqhube wathi ngesikhathi uZimdollar ekhipha amagama akhombise ukungamhloniphi, lokho kudicilele phansi isithunzi sakhe nesikaZulu ngoba ufike kulo mcimbi evunulile njengendlela yokuhlonipha amaKhosi. Uthi ucela abantu bamxolele ngoba abazi ubhekene nani ngasese.
“Ngizocela ukuthi bamxolele udadewethu.”
Lo mculi weParis uthi ufike endaweni yomcimbi ngo-19:30, uthi kube nezimo ezimbambezelile endleleni, kodwa lokho bekungasho ukuthi sekufanele avalwe anganandisi. Uthi wonke umuntu obesemcimbini uzibonele ukuthi ungene esteji ngemuva kokumenyezelwa futhi kwadlalwa nengoma yakhe.
“Konke kuyavela kunobufakazi, kugcwele koTikTok ukuthi yonke into ngiyenze ngendlela ngaphambi kokungena esteji.
“Ngithe ke uma sengizwa futhi ukuthi engathi akwamukelekile, ngaxolisa kubantu ngathi isiphelile ke i-airtime, angibange ngisakuqeda lokho ngizwe ngomuntu engihlwitha imic. Bengithi yindoda empeleni, uma ngithi ngiyaqalaza ngabona ukuthi yikhekhe kanti, hawu ngase ngimoyizela…ngoba mina ngakhuliswa ngokuthi inzalabantu iyahlonishwa.”