Umculi wowokholo uThinah Zungu uthi akanendaba nabathi ‘shosho’ kulandela ukungenelwa yizigebengu esitezi sakhe esiseNanda zatapa impahla yakhe.

KwiLive ayenze ngoLwesihlanu lo mculi uqinisekise indaba yokungenelwa izinswelaboya kwakhe ngoMsombuluko ebusuku, ezishaye zachitha nempahla yasendlini okubalwa kuyo amaselula.

“Ngiyabonga kakhulu kulaba abathumele imiyalezo bethi shosho, anginandaba, noma ningazizwa kanjani. Ngiyamazi uNkulunkulu wami…nathi okubi kuyasehlela. Okubalulekile indlela ophendula ngayo ngemuva kwesehlo.

“Ngeke ngithi konke sekukuhle, sisathuthumela. Kusanalezo zinto nje, kodwa uNkulunkulu uyasisiza,” kusho lo mculi.

Ubonge abalandeli bakhe ngokumkhulekelea nangokumeseka kulesi sikhathi esinzima.

Buka ivideo ephelele ngezansi: