Bazohlanganyela eSandton Assembles of God Church eGoli abalandeli, izihlobo, kanye nabangani bomsakazi woKhozi FM, uZanale Mbokazi, oxinwe yisifo somdlavuza.

UMbokazi, osakaza uhlelo olusihloko sithi Eshilo oKhozini, uphuthunyiswe esibhedlela ngo-April nonyaka kulandela ukuxinwa wukugula esemoyeni. Ngasekuqaleni kwenyanga edlule umyeni wakhe uBishop Mpendulo Nkambule uveze ukuthi uxinwe wumdlavuza wamaphaphu, wacela abalandeli bakhe nabalaleli boKhozi ukuthi baqhubeke bambeke emkhulekweni.

Njengoba esabambekile, abasondelene naye babize inkonzo ezoba namhlanje ngo-4 ntambama.

“UZanele uyidla kahle imishanguzo ayithola esibhedlela futhi isimo sakhe siya siba ngcono. Sinxusa abantu ukuthi baqhubeke bamkhulekele”, kusho owezokuxhumana enkampanini kaZanele, uNonjabulo Mdluli ecashunwa wuMkhaya.

Uthe onke amalungu omphakathi avumelekile ukuhambela lo mkhuleko waveza nokuthi kungenzeka abe khona naye uZanele kuwo uma engaxinekile kakhulu.

Kuzobe kukhona uBishop Benjamin Dube, Solly Mahlangu, Sipho Makhabane, Rebecca Malope, Bishop Ngcebetsha, nabanye.

Namhlanje ekuseni uZanele ubhale kanje ekhasini lakhe kuFacebook: “Kwesinye isikhathi uyatshala ezimpilweni zabantu unganakile. Uthando lwabantu abakude nabaseduze luyangithobisa kulesisikhathi!”