Iciko elidabuka e-Estcourt KwaZulu-Natal kodwa eselihlala eThekwini, uLuke Ntombela, lisaqhubeka nokufuna izimpendulo kuDJ Tira, abameli balo bathi uma lo DJ efisa ukulufaka enkantolo udaba azilime ziye etsheni.

Ngesolonto eledlule uLuke uvele kwisiqephu esisha se-The Basement Podcast with Sandile M, waqhubeka ngokukhuluma ngobudlelwano bakhe noTira, nokuthi wafika kanjani kwi-Afrotainment eze eqopha khona.

Ekhuluma ngokufika kwakhe e-Afro okokuqala uthe waqala ukuya khona emenywe abasebenza khona ayesonta esontweni elilodwa nabo.

Uthe ngosuku lwesigameko babeshutha izinto ze-Afro. Uthi akaphuzanga ngalolu suku, ngoba utshwala babungekho, noma ewumuntu owayebuye athinte ngalezo zikhathi.

Uthi wayenganayo imoto ngaleso sikhathi, kwavunyelwana ngokuthi uzobizelwa imoto ezomhambisa, ayilinda endlini kaTira. Uthi ukhumbula enikezwa isiphuzo, ngemuva kwalokho akasakhumbuli lutho. Uthe kwasiphuzo akasakhumbuli ukuthi kwakuyini, kodwa unesiqiniseko sokuthi kwakungewona utshwala.

Ungabuka isiqephu esiphelele la: https://www.youtube.com/watch?v=cjTBi93RSWE

UTira kuthiwa umenyiwe naye kule podcast kodwa kuthiwa uthe akaboni kuyisikhathi esihle sokuthi akhulume lesi.

Ngaphambi kokuvela kule podcast, uLuke ngoMay 24 2024 ufake incwadi yabameli bakhe emakhasini ezokuxhumana, ephendula umbhalo wabameli bakaTira abamyalela ukuthi ahoxise konke akusho ngalo DJ aphinde abuyele nasoKhozini eyohoxisa konke akusho kulo ngaye.

ULuke wanikezwa izinsuku eziyisikhombisa ukuthi asuse konke akusho ngoTira kodwa akakwenzanga konke lokho. Ummeli wakhe uyalele uTira ukuthi uma efisa ukulufaka enkantolo udaba akunankinga.

“Sicela nisazise okwenzeka ngokusho kwe-client lenu (uTira), ngoba liyakuphikisa okushiwo ngelethu. Uma sesitholile ngokusho kwe-client lenu ukuthi kwenzekani, iclient lethu lizokwazi ukuphendula kahle nokuthi kumele lenze njani.

“Okwamanje, uma iclient lenu lifisa ukubhekana nalolu daba ngengalo yomthetho, lingakwenza lokho. Sikulindele ngabomvu ukuthola impendulo ye-client lenu.”