Umdlali weMamelodi Sundowns neBafana Bafana uThemba Zwane uthi ulindele umdlalo omnandi uma sebebhekene neSt-Eloi Lupopo abaqhathwe nayo kuGroup B kwiCAF Champions League.
Izolo iSundowns ifakwe eqoqweni elilodwa neLupopo(DR Congo), MC Alger (Algeria) ne-Al Hilal (Sudan). Kuzokhumbuleka ukuthi iLupopo yiqembu elikhiphe i-Orlando Pirates kwiCAF Champions League kuma penalty kade zibambene nge aggregate ka 3-3.
Njengamanje iPirates ifake isikhalo ngeLupopo ngethemba lokuthi izoshaywa ngesithende uma itholwa inecala. Okwamanje kusalindwe isinqumo seCAF ngesikhalo seBucs, kodwa amaqembu aseqhathiwe.
UZwane uthi bayibukile iLupopo ngesikhathi iginqa iPirates.
“Sithole ithuba lokubabuka emdlalweni wabo ne-Orlando Pirates,” kusho uZwane ngemuva kwe-draw izolo.
“Bayiqembu elidlalisana kabi. Bangena bendiza uma bemaka…ngakolwethu uhlangothi kuzofanele sithole isikhathi sokuhlaziya amaqhinga abo.
“Ngoba sesiyazi sizobhekana nabo, sizoyihlaziya indlela abadlala ngayo ukuze sizokwazi ukuthi sizobabamba ngakuphi uma sesibhekene nabo. Yah, kuzoba wumdlalo omnandi.”
Khonamanjalo, ebuzwa ngokubhekana neqembu eliiphekwa wuRulani Mokwena uMshishi uveze ukuthi akalindele ukuthi kube nezinkulumo.
“Ngeke kube nezinkulumo, uwumuntu onenhlonipho. Kuningi akwenzele iSundowns futhi simkhonzile, uwumuntu olungile, uwumqeqeshi omuhle.”