Umqeqeshi weLamontville Golden Arrows uManqoba Mngqithi uthi ugculisekile ngendlela iqembu lakhe elivalela ngayo amagoli kodwa ukhomba into eyodwa azama ukuyilungisa.

I-Arrows izolo igqishe iMarumo Gallants ngo 3-0. Bekungokwesihlanu inqoba emdlalweni eyisithupha edlule, okuwumphumela okuyibeke kunombolo 7. KwiBetway Premiership, yiMamelodi Sundowns kuphela esikore amagoli okwedlula i-Arrows. ISundowns isivalele amagoli awu-18, i-Arrows isikore awu-17. Ngemuva kwe-Arrows, kulandela iTS Galaxy enamanqau awu-11.

“Into ebalulekile kimoina njengamanje wukuthi iqembu liyawavalela amagoli, iyonanto efunwayo leyo eqenjini lebhola,” kusho uMngqithi ngemuva komdlalo wayizolo.

“Lokhu kuyasiza ngoba uhlale wazi kunegoli esizolithola, into ongakhathazeka ngayo wukuqina kodonga lwasemuva.

“Iyonanto engisazama ukuyilungisa – kufanele siqine emuva ngoba imidlalo emningi izosilahlekela lapho.”

I-Arrows isilungiselela ukubhekana ne-Orlando Pirates engelinye lamaqembu asefomini kwiBetway Premiership. Umdlalo ungoLwesithathu ngo 19:30 esigodini sophuthu, iKing Zwelithini Stadium.