Umqeqeshi weMan United, u-Erik ten Hag, ubonge abadlali bakhe basamuva uLisandro Martinez noRaphael Varane ngokukhombisa amava abo ngesikhathi beshaya iNewcastle United ngo 2-0 kwiCarabao Cup izolo.
Bekungokokuqala i-United inqoba indebe ngemuva kweminyaka eyisithupha. Ekhuluma ngemuva komdlalo uTen Hag ubonge abadlali abafike nomqondo ‘wokunqoba’ kwi-United.
“Ngaphambi komdlalo ningibuze ngamava kaCasemiro noRapha Varana – bayakwazi ukunqoba izicoco, buka amaChampions League asebewawinile. Omunye engingambala lapho uMartinez enginqobe naye izindebe kwi-Ajax. Ubudlelwano bakhe noRapha buqinile,” kuchaza uTen Hag.
“Njengomqeqeshi awutatazeli ngoba uyazi ukuthi bayayazi into abayenzayo emuva, bazokwazi ukumelana nanoma iyiphi inkinga.”
UTen Hag uqhube waveza ukuthi ufuna ukwakha umlando ofanayo nowashiywa wuSir Alex Ferguson kwi-United yakhe.
“Mhlawumbe ngangizibeka engcupheni ngokuthatha lo msebenzi kodwa ngiwumuntu onenkani. Ngiyayithanda i-United. Kuningi okungichazayo ngayo uma ngibuka umjezi, abalandeli, i-Old Trafford, kanye nomlando kaSir Alex…nathi sifuna ukwenza okufanayo.