Umqeqeshi weChelsea othwele kanzima, uGraham Potter, usezifanise noMikel Arteta kwisizini yakhe yokuqala kwi-Arsenal kulandela esinye isibhaxu ngempelasonto. IChelsea ishaye ngo 2-0 ibhekene neTottenham Hotspur, yanda ingcindezi kuPotter osanqobe imidlalo emihlanu emdlalweni ewu-18 kwiPremier Leagu kule sizini.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uPotter ukhumbuze izintatheli ngobunzima u-Arteta adlula kubo kwisizini yakhe yokuqala kwi-Arsenal, esilwela isicoco seligi kule sizini.

“Uyohlale ukhona umbuzo ngekusasa lami uma imphumela iqhubeka kanje, ngiyakwamukela lokho. Ngaphambi komdlalo kade sixoxa nge-All or Nothing, ngobunzima u-Arteta ayebhekene nabo emnyakeni emibili yokuqala eqeqesha i-Arsenal.

“Kwasala kancane axoshwe kodwa buka manje izinto sezishintshile. NakwiChelsea zisazojika izinto.”

IChelsea isisele ngamaphuzu awu-14 kwiNewcastle United ekunombolo 4 kwiPremier League, sekuqala ukucaca ukuthi ngeke ibuyele kwiChampions League ngesizini ezayo.