Usekhonjwe indlela kwiChippa United uMorgan Mammila obesezakhele udumo ngokuchomela abanye abaqeqeshi bePSL abaneziqu zokuqeqesha uma zimhambela kahle izinto.
UMammila uxoshwe kulandela ukuphikwa yimphumela muva nje kwiDStv Premiership. IChippa inqobe umdlalo owodwa emdlaweni ewu-10 edlule, idliwe kabili kulandelana emdlalweni emibili edlule osekuyibeke kunombolo 13 kwi-log.
Ngokombiko wephephandaba lase-Eastern Cape, iDaily Dispatch uMammila uxoshwe ngemuva kokushaywa yiSwallows ngo 2-0 ngempelasonto. Kubikwa ukuthi izintambo zokuqeqesha zinikezwe uKurt Lentjies ohlalelwe wumsebenzi wokusiza iqembu livike izembe.
IChippa ayikathi vu ngokuxoshwa kukaMammila kodwa ngokwemibiko izomemezela uLentjies maduze.