Umnikazi weTS Galaxy uTim Sukazi uthi ngeke bame endleleni kaDženan Zajmović uma kukhona iqembu eligijima kwiBetway Premiership elifisa ukumsayinisa njengoba esekhombise abaningi ukuthi uyayishaya inethi.
UZajmović ufike kwezwakala kwiPSL kule sizini njengoba esevalele amagoli ayishumi uma kuhlanganiswa yonke imiqhudelwano asedlale kuyo.
Njengenjwayelo, uma kunomgadli oshisayo odlalela iqembu elingajwayele ukungena kwi-top 3, kuvamile ukuthi amataniswe namanye amaqembu ePSL. USukazi uthi akanankinga nokudayisa lo mgadli.
“Akukho ezandleni zami ukuqagela ukuthi kukhona abazomfuna noma cha, kodwa abantu bayayazi inombolo yami, bangangithinta sixoxe,” kusho uSukazi ngokombiko weFARPost.
“KwiTS Galaxy asimi endleni yabadlali [abafisa ukuhamba]. Ngeke kube yinkinga, uma sizohlonishwa nje. Uma kuza iqembu nemali ezwakalayo, sizolilalela. Sizobona sivumelana kanjani, ikakhulukazi uma kuzohlomula umdlali.”