Owayengunozinti weKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns uBrian Baloyi usezwakalise ukungenami ngomdlali oyedwa kwabathathu abasayiniswe Amakhosi ngoJanuary.
Amakhosi aqinise isikwati ngabadlali abathathu abasha ngoJanuary njengoba elwela ukuqeda okungenani endaweni yokuhlungela umqhudelwano weCAF ngesizini ezayo.
Isayinise uThabo Cele, Glody Lilepo noTashreeq Morris. Kukaba badlali, uBaloyi uthi uMorris kuphela angamuzwa.
“Angikamboni kahle uMorris. Kubo bonke abadlali abasayinisiwe uyena engingathi ubuyisela iqembu emuva,” kusho uBaloyi ngaphambi komdlalo weChiefs neSundowns.
“Angikakuboni okungangenza ngithi uwumdlali omuhle. Kodwa nginethemba lokuthi uzozijika izinto aqale avalele amagoli. Kuhle kodwa ukuthi uyalinikezwa ithuba lokudlala.”
Amathemba eChiefs phambili azobe esemahlombe alo mgadli njengoba ibhola likaNasreddine Nabi lithembela ekusebenziseni umgadli ohlala ebhokisini/phambili, okwazi ukubamba ibhola adlalise abadlali abaqhamuka ophondweni.
Ngasohlangothini lukaNabi, wazwakalisa injabulo ngokusayiniselwa lo mdlali kwiSuperSport United ngoba ubanikeza abebeshoda ngakho phambili.