Umdlali weKaizer Chiefs uMduduzi ‘Mdu or Die’ Shabalala usafuna ukuqhubeka asebenze ngokuzikhandla ukuze azibekisele indawo esikwatini seBafana Bafana esizodlala kwi-Africa Cup of Nations.
UShabalala ubeke kanje ngemuva kokuvalela amagoli amabili ne-assist Amakhosi evithiza i-Orbit College ngo 4-1 kumdlalo weBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku eFNB Stadium.
Igoli lesithathu leChiefs livalelwe wuMfundo Vilakazi, elesine lakorwa wuFlavio Da Silva. Umphumela wayizolo ubeke iChiefs kunombolo 2, isiyalingana ngamaphuzu neMamelodi Sundowns esesicongweni.
Ekhuluma ngemuva kokunikezwa indondo ye-man of the match uMdu uphumele obala ngokuzaama ukulungisa inkinga yokuba buthuntu phambi kwepali.
The Chiefs fans didn't have to wait long for the opener ✌️🟡
— SuperSport Football ⚽️ (@SSFootball) November 4, 2025
📺 Stream #BetwayPrem on DStv: https://t.co/B0jLrQW5cc#SSDiski | @McDonalds_SA pic.twitter.com/snZUgwAUEx
“Ngicela ukuqale ngibonge iKaizer Chiefs ngokusinikeza ithuba lokudlalela iqembu elikhulu,” kusho yena ekhuluma nabeSuperSport TV.
“Akuyona isizini elula kimina uma ngibuka isibalo samagoli nama-assist enginawo, ngijabule ukuthi namhlanje kwenzekile futhi sakwazii nokukora amagoli amane okuyinto esiyenza okokuqala kule sizini.”
Igama likaShabalala livelile ohlwini lwabadlali uHugo Broos azokhetha kubo uma eseqoka isikwati somdlalo wobungani neZambia. Lo mdlali unethemba lokuthi uzongena kwiBafana ezobhekana neZambia ngokunjalo nasesikwatini esizodlala kwiAFCON.
Umdlalo wayizolo ubuhanjelwe wuBroos.
“Namhlanje ngiwenzile umsebenzi wami, konke okunye kusezandleni zikaBroos. Noma yisiphi isinqumo asithathayo ngizosamukela ngiqhubeke ngenze umsebenzi wami ngokuzikhandla.”
Khonamanjalo, iChiefs isiyoze idlale umdlalo olandelayo ngo 23 November, lapho ezobhekana khona ne-Al Masry yase-Egypt koweCAF Confedaration Cup.