Owezokuxhumana kwiConfederation of African Football (CAF) useveze ukuthi akuphelile ngesikhalo se-Orlando Pirates ngeSt Eloi Lupopo noma kuqhathwe amaqembu azobhekana esigabeni samaqoqo eCAF Champions League izolo.

ISt-Eloi Lupopo izolo ifakwe eqoqweni elilodwa neMamelodi Sundowns, okushiye abanye bezibuza ukuthi ngabe sekuphelile ngesikhalo sePirates?

Ephendula kulolu daba uLuxolo September oyiNhloko yezokuxhumana nezeThelevishini kwiCAF uLuxolo September uqale wakuqinisekisa ukthi iCAF isitholile isikhalazo seBucs ngeLupopo.

“Kunethimba alibheka izindaba ezithinta umthetho, okuyibhodi lokuqondisa ubugwegwe,” kusho yena.

“Ngikholwa wukuthi bamatasa babheke zonke izikhalo njengamanje. Kubalulekile ukuthi sibashayise ngomoya benze umsebenzi wabo, babone yiziphi izikhalo ezibambekayo.

“Akufanele sikhulume ngalento nejjangamanje. Kufanele siqhubeke nomsebenzi wethu, sizoholwa yisinqumo sebhodi eliqondisa ubugwegwe.

“Angazi kuzokwenzekani [ngesikhalo seBucs] – njenge-administration yeCAF, silindele isinqumo.”

Khonamanjalo, iLupopo nayo ngempelasonto edlule ikuqinisekisile ukuthi ifake esayo isikhalo nge-Orlando Pirates.

Imidlalo yeCAF Champions League izoqala ngo-21 November.