IKaizer Chiefs iqhathwe nelinye lamaqembu amakhulu aseZambia, namaqembu amabili ase-Egypt okubalwa kuwo iZamalek SC kuGroup D weCAF Confedaration Cup 2025/2026.
ICAF namhlanje yenze idraw yamaqembu azodlala kulo mqhudelwano ngokunjalo neCAF Champions League.
Amakhosi azibekisele indawo ngokushaya iKubascorp FC ne-AS Simba esigabeni sokuhlungela isigaba samaqoqo eCAFCC. Bekulindelwe ngabomvu ukuthi izoqhathwa nobani, okugcine kuvelile kwi-draw eyenzelwe eGoli namhlanje.
IChiefs iqhathwe neZamalek (Egypt), Al Masry (Egypt), neZesco United yaseZambia.
Uma sibheka ifomu yakamuva yamaqembu aseGibhithe sibona engeke eyidalele inkinga enkulu iChiefs noma esendaweni enhle kwi-Egyptian Premier League. IZamalek ikunombolo 3, kodwa ine-win eyodwa emidlalweni emihlanu edlule. I-Al Masry nayo inqobe kanye emdlalweni emihlanu edlule. Kuzokhumbuleka ukuthi nawo Amakhosi awenzanga kahle emidlalweni emihlanu edlule njengoba naweo enqobe kanye emidlalweni emihlanu edlule, adlala ngokulingana kwemithathu.
Iqembu iChiefs ezoba nokuzethemba uma isibhekene nalo yiZESCO United. Leli qembu eliqede kunombolo 2 ngesizini edlule likunombolo 12 kulokhu, kodwa linemidlalo emibili esandleni. Selishaywe kathathu, lawina kathathu kule sizini. Okuzokwenza lo mdlalo ungabinzima kakhulu wukuthi kungenzeka udlalelwe kuleli njengoba zingekho izinkundla ezisezingeni leCAF eZambia.
Khonamanjalo iStellenbosch FC iqhathwe neCR Belouizdad, AS Otoho ne
Group A
USM
Djoliba
FC San Pedro
Group B
Wydad
AS Maniema
Azam FC
Nairobi United
Group C
CRB
Stellenbosch
AS Otoho
Singida Black Stars
Group D
Zamalek
Al Masry
Kaizer Chiefs
Zesco United