Owayengumdlali weKaizer Chiefs osehlaziya ibhola, uJnr Khanye, uvumile ukuthi akuhambanga ngendlela abezitshela ukuthi kuzohamba ngayo kwiSoweto Derby ngoMgqibelo kodwa uthi iChiefs iwine ngenhlanhla.

Ngaphambi komdlalo uKhanye wayethe iChiefs izoshaywa ngamagoli amathathu noma amane, kushaye uMsombuluko esexoshiwe u-Arthur Zwane. Akuhamba njengamazwi akhe kodwa eFNB Stadium iChiefs inqoba ngo 1-0 u-Olisa Ndah ewugwaza ekhaya.

Ehlaziya umdlalo uKhanye usole iPirates ngokungadlali ngendlela abajwayele ukudlala ngayo, ebagxeka ngokutshala ibhola ophondweni kakhulu.

“IPirates iwuqale kabi umdlalo. Iningi labadlali bePirates abadlalanga ngendlela abajwayele ukudlala ngayo. Bengilindele ukuthi bafinyelele emapalini eChiefs zisuka, kodwa baphenduke izigxobo. Bangiphoxile oTimm, Ndlondlo, Lorch, Pule, Saleng noDzvukamanja.

“Abadlali abadlala kahle laba uma bebhekene namanye amaqembu ePSL.Kulo mdlalo bebethatha izinqumo ezibhedayo emdlalweni,” kusho uKhanye.

Ekhuluma ngeChiefs uthe abadlali bayo baqale umdlalo besaba kodwa kwakhula ukuzethemba ngokuqhubeka komdlalo. Ugxeke uMduduzi Shabalala ngokujika ezindaweni ezingezinhle, uthe uma enza umjiko kufanele awenze eduze kwebhokisi leqembu elibhekene neChiefs, azame ukuthola ama-assist namagoli.

Uqhube wathi ngokwakhe lo mdlalo bekumele uphele ngo 0-0 ngoba omabili amaqembu awadlalanga kahle futhi iChiefs iwine ngenhlanhla.