Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi ugcine ewelele kwiSuperSport United umgadli wase-Ethiopia u-Abubeker Nasir ohlushwa ukulimala.
Lo mdlali obengabhalisiwe kwiSundowns ngesizini edlule ngenxa yokulilamala, ubonakale eziqeqesha neSundowns ngaphambi kokuqala kwemidlalo yesizini ka-2024/25, kodwa njengoSipho Mbule, ugcine ebolekwe elinye iqembu eligijima kwiPremiership.
“UNasir akasekho kwiSundowns, ngicabanga ukuthi ukwiSuperSport United,” kusho uMngqithi ngemuva komdlalo wabo neMarumo Gallants abawunqobe ngo 4-1.
“Bengithi yinto eniyaziyo,” esho ebhekise kwizintatheli.
Okwamanje Amatsatsantsa awakasho lutho ngokusayiniswa lo mdlali okulindeleke ukuthi avale isikhala sikaBradley Grobler ozohlala izinyanga engalithinti kule sizini ngenxa yokulimala.
UNasir ubezothwala kanzima ukube uhlale kwiDowns kule sizini njengoba kusekhona oPeter Shalulile, Lucas Ribeiro, Arthur Sales, Tashreeq Matthews, no-Iqraam Rayners, bonke abangabadli ababukeka besezinhlelweni zikaMngqithi.