Umqeqeshi weSuperSport United uGavin Hunt uthi ukushodelwa abadlali abanesipiliyoni kube nomthelela ekutheni bahlulwe yiCape Town City ngo 2-1 koweBetway Premiership, e-Athlone Stadium, ngoMgqibelo ebusuku. 

Lomphumela ushiye amaTsatsantsa etabalasa kunombolo 13 etafuleni njengoba ebehlulwa emdlalweni wesibili selokhu kuqale isizini. 

UHunt uthi igoli leCity liphendule amatafula, bagcina sebehubha umdlalo.

“Ngikholwa ukuthi sidlale ngokukhulu ukuzimisela. Siyeke ukusebenzisa amathuba amabili esiwombeni sokuqala. Sidlale kahle, besibhekene neqembu elinabadlali abangcono. Bekunomehluko ngesiwombe sokuqala, kucaca ukuthi iCity inesipiliyoni. Izinto zijike sebethole igoli elingene ngokuzumisa. Sihlulekile ukuthatha izinqumo ezihlakaniphile sesifike ngasebhokisini lezitha. 

”Besiwuphethe umdlalo lingakangeni igoli leCity, angikhumbuli besifakela ingcindezi. Bazamile ukuhlasela ngokuzumisa kodwa iqembu lasekuhambeni yilona ebelingcono kakhulu. Siqale ukuyihubha iCity ngesikhathi isithole igoli,” kusho uHunt ekhuluma nabezindaba.

UHunt uthi usapatanisa, uzama ukuhlanganisa abadlali abasayinisiwe nalabo abakhushulwe kwinkulisa. 

“Sisebenzisa abadlali abasebancane, ngibeke ithemba kubo. Okwamanje ngisazama ukuhlanganisa isikimu, silahlekelwe umgqigqo ngesiwombe sesibili ngenxa yokushodelwa yisipiliyoni. 

“UMobbie (Nyiko) usengene khaxa endaweni ayidlalayo. USanoka (Pogiso) naye usejwayele. UNeo usemncane, silahlekelwe abadlali basemuva ezimpondweni, kusamele sizama ukukhanda kabusha. Siqede umdlalo sesigadla ngabadlali ababili abaneminyaka engu-19,” kusho uHunt.

Lomqeqeshi ukhale ngobunzima bokudlala ngaphandle kwezethenjwa zakhe ezilimele uGrant Magerman, Gamphani Lungu noBradley Grobler.

“Kunzima ngoba abadlali bagcina behambile eqenjini uma sebekhulile. Akukho engingakwenza. Nginabadlali abangekho abashaye amagoli angu-20 ngesizini edlule. Azoqhamuka kuphi lamaholi manje? 

“Sageja inqwaba yamathuba amahle sibheke nePirates, umdlalo waphela ngo 1-1. Kunzima okwamanje, ngicabanga ukuthi uzobuya ngoFebruary uGrobler, kungenzeka abuye noma ngoDisemba uma ephole ngokushesha. ULungu ulimele kanye noGrant Magerman,” kubeka uHunt.

Njengoba kuyiwa ekhefini leFIFA, uHunt uthi uzoqinisa isandla ejimini, azama ukuthola izisombululo ezinkingeni azibonayo.