Kubikwa ukuthi ubezoyikha ngamafosholo kwi-Al Ahly uMonnapule Saleng onganeme ngenkontileka yakhe kwi-Orlando Pirates.

Ngokombiko kaMicky Jnr okunguye oqale ukubhala kabanzi ngokungenami kukaSaleng kwiBucs, i-Al Ahly ibizimisele ngokukhipha imali ebalelwa kuR27 million ukuze ithola uSaleng.

Ngaphezu kwalokho, ibihlela ukumholela imali ebalelwa kuR6.4 million ngonyaka, obekuzoba wuR533,000 ngenyanga.

Njengamanje kubikwa ukuthi enye yezinto angeneme ngazo uSaleng imali ayiholayo kwiBucs. Kumbiko wokuqala uMicky waveza ukuthi lo mdlali uhola imali elinganiselwa kweholwa abadlali abasuke bekhushulelwe kwi-first team besuka kwi-reserve team yePirates.

NoRobert Marawa wabuya ngemuva kwezinsuku ezimbalwa wazokuqinisekisa ukuthi uSaleng ubanga indaba yenkontileka nePirates kodwa wangafuna ukungena agamanxe odabeni.

Umuntu wokuqala oveze ukuthi uSaleng ubefunwa yi-Al Ahly kube wuPeter UDu Toit, ongomunye wabasunguli beSoccer Laduma osephethe iSoccerBeat. UDo Toit waveza ukuthi uSaleng ubefunwa ukuze ezovala isikhala sikaSaleng. UMicky nokho uthi ngomthombo wakhe usehabule ukuthi akulona iqiniso ukuthi i-Al Ahly yagcina ingamsayinisanga ekupheleni kwesizini edlule ngoba engahambanga uPercy Tau. Uthi uSaleng ubezosayiniswa ngisho ngabe kuthiwa usakhona uTau.

UMicky uqhuba aveze ukuthi ngesikhathi i-Al Ahly ikhuluma nama-agents kaTau, iP Management, bathi lo mdlali ubheke e-Europe.

UMicky uthi imenenenja yezinkontileka nosomaqhinga we-Al Ahly baxhumane nePirates ngqo ngalo mdlali kule sizini bezama ukuthola ukuthi kungani engasadlali batshelwe ukuthi kuvele isifo kubo kwaSaleng, kudlule umuntu abesondelene naye. Kuthiwa i-Al Ahly yatshelwa nokuthi lokhu kuthikameze isimo somqondo sikaSaleng.

Lokhu kubeka ngokusobala ukuthi i-Al Ahly ibisazimisele ngokusayinisa uSaleng nasewindini likaJanuary ngoba yinto yakule sizini ukweqiwa yijezi kwakhe. Ngemuva kokutshelwa ukuthi uphazamisekile emqondweni, i-Al Ahly kuthiwa inqume ukungabe isamsayinisa lo mdlali ngoba ifuna abantu abaqine ukhakhayi.

Umbiko kaMicky uqhuba uveze ukuthi izinkunzi zaseGibhithe sezithungatha omunye umdlali, uDereck Germano Kutesa.

I-Al Ahly njengoba iqinisa isikwati isiqinisela iFIFA Club World Cup.