Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso usephinde wazwakalisa ukungenami ngenqwaba yemidlalo ababhekene nayo esikhathini esifishane njengoba bezobhekana neKaizer Chiefs ngoMgqibelo ngemuva komdlalo wayizolo.

ISundowns ititinye iSekhukhune United ngo 4-2 yafinyelela kumaphuzu awu-51 kwiBetway Prem, iqinisa indawo yayo esicongweni. Noma ezakhe zidlale kahle, uCardoso ukhalele abadlali bakhe ngemuva komdlalo.

“Ngizophinde ngikusho lokhu; kuwumsangano okwenzeka kwiSundowns,” kusho uCardoso ekhuluma nabeSuperSport TV.

“Indlela okuhlelwe ngayo imidlalo iwumsangano, ayijwayelekile. Ayinabo ubuntu futhi angiboni ukuthi icatshangisisiwe ngoba angazi yenzeka kanjani lento.

“Kodwa sisaqhubeka siyalwa, noma sibhekene nezingqinamba.”

UCardoso usole abadlali bakhe ngokuba budedengu kwigoli lesibili elivalelwe yiSekhukhune, okumphoqe ukuthi amise izinguquko abesehlele ukuzenza.