Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena usevikele uVino Snap kwabamgxekayo ngokuveza ayekubhalele uKhuliso Mudau kowamanqamu weNedbank Cup.

Kunabalandeli abamgxekile uVino ngokushicilela izithombe eziveze umbhalo wangesese kaRulani owawubheke kuMudau, emcela ukuthi aqhubeke adlale ngesikhathi eselemile emdlalweni wabo ne-Orlando Pirates ngempelasonto.

Kulo mbhalo uRulani uthi ‘ngithe kuwena ngingakufela, ngicela ungangilahli manje.’

Njengoba bekuyindaba esematheni izolo, uRulani usegcine ephefumulile ngokusabalala kwencwadi yakhe ezinkundleni zokuxhumana.

“Anginankinga nesenzo sikaVino ngoba sengibhale izincwadi eziningi ezibheke kubadlali emnyakeni edlule. Kukhona okubi kakhulu kunalokhu enikubonile esengike ngakubhala,” kuchaza uMokwena.

“Isenzo sakhe singijabulisile ngoba sibeke ngokusobala ubunjalo bukaSailor. Kunikhombisile ukuthi uma ngithi abantu abalungile laba badlali, abazinikelayo, ngisuke nginganikhohlisi. Lokhu kwenhlamvu (ukuthi engamfela uSailor), kuthinta into yangasese ayedlula kuyo – angifuni ukukhuluma ngayo kakhulu.

“Kodwa ngakusho ngaphambi komdlalo ukuthi ngingayithatha inhlamvu ngivikela yena. Umuntu owinile la uSailor ngoba usekukhombisile ukuthi uzinikele kanganani. Nibonile udlale kanjani. Ubengomunye wabadlali bethu abadlale kangcono umdlalo wonke.