Inkakha yeMamelodi Sundowns uBenett Mnguni, isicele abalandeli baleli qembu abangavamile ukugcwalisa inkundla uma lidlala ukuthi baxege kancane uRulani Mokwena enze umsebenzi awuqashelwe.

UMnguni ubeke kanje ohlelweni iGame On, lapho agxeke khona abalandeli beSandawana ngokuzama ukuzenza abaqeqeshi beqembu.

“Abanye abalandeli izinto bazibuka ngenye indlela. ISundowns ibe nesizini enzima. Abadlali bayo bachitha isikhathi esiningi emgwaqeni futhi badlala inqwaba yemidlalo. Manje ngoba bedliwe kanye abantu sebecasukile…

“Ake sixege uRulani kancane simuphe ikhefu. Sidlale kahle sazuza okuningi.

“Ngokwami sibe nesizini engle. Kumele ngabe siyambonga umqeqeshi. Wenze kahle kakhulu, wadliwa kanye kwiligi.”

“Kunzima ukuwina iligi, angiphathi ke ukuzama ukuyiwina ungashayiwe. Ngicabanga ukuthi kumele ngabe seseka abadlali. Ngeshwa kulezi nsuku abalandeli sebephenduke abaqeqeshi.

UMnguni uqhube waveza ukuthi lilodwa iphutha elenziwa yiSundowns kowamanqamu weNedbank Cup, ethi banikeza iPirates isikhala esiningi enkundleni.