Umdlali weBafana Bafana uPercy Tau ngoLwesine uvalelise okokugcina eqenjini afike agila izimanga kulo ngesizin ka-2019/2020, iCulub Brugge, yaseBelgium. Kuzokhumbulek ukuthi uTau, oneminyaka ewu-26, ubebolekisiwe kuleli qembu njengoba esemabhukwini eBrighton & Hove Albion yase-England.
“Ngifisa ukuthatha leli thuba ngibonge abadlali, ithimba labaqeqeshi kanye nabo bonke abasebenzi kanye nabalandeli ngokusenza sibe yimpumelelo isikhathi engisichithe kwiClub Brugge, ngiyabonga,” kubhala uTau ekhasini lakhe kuTwitter.
Ngalo uLwesine ebusuku iphini lomqeqeshi kwiMamelodi Sundowns elisanda kubuyela kuleli qembu uRulani Mokwena, uphendule umbhalo kaTau wathi: “usuya kwi….mxm awuthi ngikudedele ubatshele wena.”
And you’re off to…. Mxm let me allow you to tell them. 🤭🤐 https://t.co/QKIXPwrLoU— Rulani Mokwena (@coach_rulani) July 16, 2020