Sphamandla Gumede
Abathandi bebhola lombhoxo bavuke ngezindaba ezingemnandi njengoba bezithele phezu kwesimemezelo seNew Zealand Rugby esicacisa ukuthi izohoxisa amaqembu aseNingizimu Afrika nawase-Argentina kumqhudelwano weSuper Rugby kusukela ngonyaka ozayo.
Kumaqembu akuleli azophuma kulomqhudelwano kukhona iSharks, Blue Bulls, Stormers namaLions. IJaguares yase-Argentina, eyishubisile ngesizini edlule, nayo ichithiwe.
Kubikwa ukuthi iSuper Rugby ibintula ezimalini kwazise ukuhambela emazweni iNingizimu Africa ne-Argentina bekumba eqolo.
INew Zealand Rugby inezinhlelo zokusungula umqhudelwano omusha ozofaka amaqembu aseNew Zealand amahlanu, awase-Australia amathathu neqembu elilodwa elisuka ePacific okungaba eFiji.
Isikhulu seNew Zealand Rugby uMark Robinson uthe isinqumo sokusungula lomqhudelwano besinzima kakhulu.
“Sifuna amaqembu asezingeni eliphezulu, futhi azokwenza abalandeli baphume ngobuningi babo bezobukela. Siyazwelana kakhulu nesimo esingesihle sebhola lombhoxo e-Argentina kanye naseNingizimu Afrika,” kuchaza uRobinson esitatimemdeni.
URobin ubeke isimo esidalwe umkhuhlane iCovid 19 njengesizathu esenze ukuba bakhiphe lamazwe ezinhlelweni zabo ngoba bekuzoba nzima ukuhambela kwamanye amazwe.
Icovid 19 iphazamise iSuper Rugby kulonyaka, okwenze i-Australia neNew Zealand basungula imiqhudelwano yamaqembu ngokuhlukana.
Lesi sinqumo sichaza ukuthi amaqembu akuleli kungenzeka ajoyine umqhudelwano wase-Europe obizwa ngePro14. Ukwengezwa kwalawa maqembu kungenzeka lomqhudelwano ugcine usubizwa ngePro18. IPro14 idlalelwa amaqembu ase-Ireland, Wales, Scotland, Italy namabili aseNingizimu Afrika iFree State Cheetahs neSouthern Kings.
Abalandeli bebhola lombhoxo bebediniwe ezinkundleni zokuxhumana njengoba benxenxe inhlangano eyengamele umbhoxo kuleli iSA Rugby ukuba izame ukufaka amaqembu akuleli kwiPro14. Abanye bakhale ngobudlova obenziwe yiNew Zealand, beyibiza ngeziqhwaga ezifuna ukulalelwa ngenkani.
Kwenzeka lokhu nje nyakenye iNingizimu Afrika iphuce iNew Zealand isicoco seNdebe yoMhlaba.