Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uthi usekulindele ngabomvu ukubona umdlali amsike kwiKaizer Chiefs uGeorge Maluleka athi uzoletha okuhlukile eqenjeni lakhe. Ithuse abaningi iSundowns isayinisa uMululeka oneminyaka ewu-31 futhi odlala endaweni eyodwa no-Andile Jali, Hlompo Kekana, Samule Mabunda, Sammy Seabi no-Oupa Manyisa.

Echaza ngokusayina lo mdlali ngoJulayi kulandela ukuphela kwenkontileka yakhe kuMakhosi uMosimane uthe ungumdlali omuhle uMaluleka.

“Ungumfana oziphethe kahle, ungumdlali omuhle, ohlakaniphile futhi sengikhulumile naye ngamaqhinga ngamkhombisa nendlela unombolo-6 no-8 wethu abadlala ngayo,” kusho uMosimane ecashunwa yi-website yeSundowns.

UMosimane uthe kuyamjabulisa ukubona ukuthi uMaluleka ungumdlali osafuna ukufunda. Uthe okunye okumchazile ngaye ukuthi uyingozi kuma-set piece futhi uyalishaya negoli.

Echaza ngokuziqeqesha neMamelodi Sundowns uMaluleka uthe wamukelwe ngezandla ezifudumele.