Umqeqeshi we-Orlando Pirtes, uJose Riveiro, ugculisekile ngendlela iqembu lakhe elidlale ngayo ngesikhathi libhekene neRoyal AM koweDStv Premiership, eMoses Mabhida ngoLwesithathu kusihlwa.
IPirates iqoqe amaphuzu aphelele kulo mdlało ishaya ezikMaMkhize ngo 1-0 ngegoli likaDeon Hotto esiwombeni sokuqala. Ngalo mphumela iPirates ikhuphukele kunombolo 4 kwiligi. Noma ingawakhanga amathuba amaningi okukora kulo mdlało iBucs, uRiveiro uzwakalise ukugculiseka ngakubonile kubadlali bakhe enkundleni.
“Ngiyithandile indlela esidlale ngayo emuva namhlanje. Angijabule ngokuhluleka kwethu ukugcina ibhola uma sesimakile, bekumele sizame ukuligcina ikakhulukazi esiwombeni sesibili. Noma ulayini wabadlali basemuva ubusondele kakhulu ebhokisini lethu kwezinye izikhathi, angikhumbuli iRoyal AM, eyiqembu elihle, yak ithuba eliyingozi.
“Kumele ngilincome iqembu, abaqeqeshi, abadlali kanye nabalandeli ngoba bekukuhle ukubona abadlali belwela amaphuzu aphelele ngale ndlela,” kusho uRiveiro.