Yize ukuzethemba kuphezulu ekhempini yeTS Galaxy kulezinsuku kwazise iyiqale ngenothi elihle iligi, umqeqeshi uSead Ramovic usecele abadlali ukuthi bakhohlwe ukunconywa, baqhubeke nokuzimisela enkundleni.

IGalaxy ihluke kakhulu eqenjini elivike izembe ngesizini ka-2021/22. AmaRockets asenqobe imidlalo emibili, adlala I-draw kowodwa kwiDSTV Premiership.

Leliqembu lizifake emehlweni abantu ngokushaya iMamelodi Sundowns ngo 1-0 eLoftus Stadium ngesonto eledlule.

IGalaxy ilandele ngokubhaxabula iSuperSport United ngo 2-0 eMbombela Stadium ngeSonto. URamovic uchaza umehluko wokwenza izinto eqenjini.

“Ngibongela iqembu lonke, abadlali ngoba sibuya kwisizini enzima. Akulindelekile ukuthi amaqembu amaningi ashintshe izinto njengathi. Kunzima kakhulu. Ngifike eqenjini ngo-Okthoba, nakhona sisathole amaphuzu amabili, sagcina sifinyelele ku-28.

Siqhubekile nokusebenza ngokuzikhandla nokuhlakanipha kweminye imidlalo, sabumbana siyiqembu. Siyazi ukuthi sikhaliphile ekugcineni izikhala nebhola.

Uma udlala ibhola ngendlela efanele, izikhala ziyazivulekela. Ngemuva kwalokho, kulandela isivinini nendlela yokudlala siyiqembu, izinga, ukuzimisela okuphindiwe, okuyikho okusiza ukuthi sinqobe.

Ukudlala imidlalo emithathu kulandelana ngalelizinga kudinga abadlali abanemiqondo eqinile. Nathi sikhukhombisile lokho. Ngiyaziqhenya ngabadlali neqembu,” kubeka uRamovic.

IGalaxy isayinise uXola Mlambo, Bernard Parker noSibusiso Vilakazi. Iphinde yaboleka uKeletso Makgalwa kwiMamelodi Sundowns.

URamovic uthi abadlali abasebancane bazofunda lukhulu kwizinkakha ezisayinisiwe.

“Sijabule ngokuqinisa iqembu ngabadlali abasezingeni. Kufanele sizehlise, sehlise umoya, siqhubeke nokusebenza ngokuzikhandla. Imiphumela izolandela,” kubeka lomqeqeshi.