Umqeqeshi weRoyal AM uDan ‘Dance’ Malesela uthi bazoqhubekabazame ukukhuphula izinga leqembu kulandela ukudliwa kwabo yi-Orlando Pirates ngoLwesithathu ebusuku eMoses Mabhida Stadium eThekwini.
Royal AM idlale kahle kulo mdlalo ophethe ino-59% we-possession kodwa imshayele kanye unozinti we-Orlando Pirates kumashodi amahlanu. IPirates inqobe ngegoli likaDeon Hotto alivalele ngomzuzu ka-34.
Ekhuluma ngemuva komdlalo uMalesela uthe ujabule ngokuningi akubonile kodwa basangadlala kangcono.
“Kube wumdlalo omuhle, besingaphuma nephuzu okungenani uma singawini. Bathole ithuba elilodwa balisebenzisa, kodwa sijabule ngendlela iqembu elidlle ngayo. Sibe namathutshana lapha nalaphaya, besingenza kangcono. Kodwa sizosebenzela phezu kwakho.
“Since isikhathi sokulungilsa amaphutha kodwa izinkomba zokuthi sisazodlala kangcono kunalokhu zikhona,” usho kanje.
UMalesela uthe ufun ukuqinisekisa ukuthi iRoyal AM ayinayo inkinga yokuvalela amagoli kule sizini.
IPirates ikhuphukele kunombolo 4 inqoba lo mdlalo.