Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro usedalule isizathu esihamba phambili ngokudedelwa komgadli waseCameroon, uSouaibou Marou, onganikezwanga ithuba elitheni.
UMarou (23) uhlale unyaka nohhafu kwiPirates ayijoyina ngoJanuary 2023 esuka kwiCoton Sports eyiqembu elikhulu eCameroon.
Lomgadli wayethwelwe ngeqoma efika kweziMnyama kwazise wayeyingxenye yeCameroon kwiNdebe yoMhlaba eyayibanjelwe eQatar ka-2022.
UMarou, obesizwa ngendaba isikimu, ushiye kwiBucs enegoli elilodwa emidlalweni engu-9.
Ekhuluma noThabo Mosia kuRadio 2000, uRiveiro udalule ukuthi uMarou abagadli abencintisana nabo benze kangcono kunaye.
“Asikho isizathu esiqondile ngokungadlaliswa kukaMarou, umbango wejezi ubushubile kakhulu kubagadli. Siqale ngoZakhele (Lepasa) ogcine emgumshayimagoli ohamba phambili kwiMTN8.
“Kunesigaba maphakathi nesizini lapho u-Evidence Makgopa enyukelwe ifomu. Kulandele uTshegofatso Mabasa sekubuywa kwi-AFCON, waphetha ngokudla indondo yomshayimagoli obahlule bonke kwiPSL,” kubeka uRiveiro.
Lomqeqeshi uncome uMarou ngokuzikhandla nsukuzonke yize engalitholi ijezi.
“Angeke ngimbeke iphutha uMarou. Ubezikhandla nsukuzonke, ubewuhlonipha umsebenzi. UMarou uzame ngokusemandleni nsukuzonke, yilokho engingakusho.
“Bekunzima ukumdlalisa ngenxa yezizathu engizibekile. Kuyenzeka abadlali badedelwe ngoba kukhona abanye abenza kangcono,” kuchaza uRiveiro.
Inkontileka kaMarou inqanyulwe kusasele isizini eyodwa njengoba ibizophela ngo-30 Juni 2025.