IReal Madrid isichithe inkulumo yomqeqeshi wayo uCarlo Ancelotti othe ngeke ilubhade kwiFIFA Club World Cup engonyaka ozayo ngenxa yemali encane ezokhokhwa yilo mqhudelwano.

NgoMsombuluko ntambama iReal ishicilele isitatimende iphikisa u-Ancelotti, okungenzeka ukuthi uzifake obishini ngokutho iMadrid namanye amaqembu bazoyichizela iClub World Cup entsha ezoqala ngonyaka ozayo.

“IMadrid ingathanda ukumemezela ukuthi ayikaze nakanye ikungabaze ukuthi izodlala kwiClub World Cup ezohlelwa yiFIFA ngesizini ka-2024/25.

“Iqembu lethu lizoba yingxenye yalo mqhudelwano njengoba kuhleliwe. Sijabule futhi sikulindele ngabomvu ukudlala, sifuna ukujabula izigidigidi zabalandeli bethu ngokuyinqoba,” kusho isitatimende seMadrid.

Noma ibeka kanjena iMadrid, kungenzeka ukuthi likhona iqiniso kwinkulumo ka-Ancelotti ngemali ezonikezwa amaqembu azodlala kulo mqhudelwano. Okungenzeka, iFIFA ingase ibe nesivumelwano namaqembu ngokuwanikeza imali ethe xaxa uma kungena inqwaba yabaxhasi.