Intatheli ezikhipha zishisa e-Europe, uFabrizio Romano, isiveze ukuthi umqeqeshi obepheka iBayern Munich uThomas Tuchel, uzohlaba ikhefu ebholeni njengoba kubukeka engeke esawuthola owokupheka iMan United.

Okwamanje akucaci noma uTuchel uzothatha ikhefu lezinyanga ezimbalwa, noma uzohlala isizini yonke ka-2024/25 engasebenzi.

Ngokombiko kaRomano, uTuchel ubehamba phambili ohlwini lwabaqeqeshi ababukwa yi-United, kodwa ngathi usehoxile kulo msebenzi.

Kubikwa ukuthi i-United ayikasithathi isinqumo sokugcina ngomqeqeshi weqembu u-Erik ten Hag kulandela ukunqoba kwakhe iFA Cup emdlalweni wokugcina wangesizini edlule.

Kubaphathi beqembu kuvela ukuthi kunezikhulu ezimthandayo uTen Hag, zithi wenze umsebenzi oncomekayo ngaphansi kwezimo ezinzima ngesizini edlule. Lokhu sekwenze izingxoxo nabanye abaqeqeshi zibe nzima ngoba abanye bayabuza ukuthi izonquma kanjani ngalo mqeqeshi i-United.