I-Orlando Pirates isimemezele ukuhamba kwabanye abadlali abane okubalwa kubo uKermit Erasmus no-Richard Ofori.

NgoLwesihlanu iPirates iqhubekile nokumemezela abadlali abahambayo njengenhlalayenza uma kuphela isizini. Iqale ngokumemezela ukuhamba kukaSouaibou Marou noFortune Makaringe. Isilandele ngohlu lwabadlali abane okungu Erasmus, Ofori, Siyabonga Mpontshane noThabang Monare.

U-Erasmus, owafika ethwelwe ngeqoma esuka kwiSundowns, ubeselizwa ngendaba ijezi kwiPirates ngenxa yenkinga yokulimala njalo.

U-Ofori noMpontshane bachithe isikhathi esiningi ebhentshini ngenxa yezinga elikhonjiswe wuSipho Chaine noMelusi Buthelezi.

Ukuhamba kukaThabang Monare nakho ngeke kubethuse abaningi ngoba ubesewumngani webhentshi naye, nakuba engene esikwatini seBafana Bafana kwi-AFCON, uJose Riveiro ubengamsebenzisi kangako ngesizini edlule.

Okwamanje iPirates isamemezela abadlali abahambayo futhi kusangenzeka ibuye nolunye uhlu. Kulindeleke ukuthi iqale imemezele abadlali abasha ngasekupheleni kwenyanga nangenyanga ezayo.