Mhleli: Ngicela ukushayela umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, ihlombe ngokubavala imilomo abaphathi be-Al Ahly abakholwa wukuthi iqembu labo alifanelwe ukudliwa.

Uma ike yadliwa emdlalweni omkhulu i-Al Ahly ikhipha isitatimende ngakusasa ikhala kubaphathi bomqhudelwano abebedlala kuwo. Iyakwenza kwiCAF Champions League, iyakwenza kwi-Egyptian Premier League futhi isiyakwenza nakwi-African Football League, zisuka.

Ngokubona kwami i-Al Ahly yenza lokhu yazi ukuthi ngeke usashintsha umphumela. Kunalokho isuke ifuna ukufakela onompempe ingcindezi ngaphambi komdlalo olandelayo.

Emlenzeni wesibili ithole iphenathi esiwombeni sokuqala, wayigeza uRonwen Williams. Uma uyibukisisa kodwa iphenathi eyitholile uyabona ukuthi lo nozinti uqale ngokushaya ibhola ngaphambi kokuthinta uPercy Tau.

ICAF kumele iqinisekise ukuthi ayilawulwa abanikazi bamaqembu uma ifuna imqhudelwano yayo ikhule. Okunye nje okusamele ikubhekisise indaba ye-away goal rule esiyekiwe e-Europe.

Kuloba uThangithini Madlala.

Nawe ungasithumela umbono wakho: gibelasport@gmail.com