Umqeqeshi weGolden Arrows, uMabhuti Khenyeza, uthi ngisho bengenzani kunzima ukuthola isibalo esiphezulu sabalandeli abaseka amaqembu aKwaZulu-Natal ngoba iningi labo lizithanda amaqembu aseGauteng.
UKhenyeza ubeke lo mbono ngesikhathi ebuzwa ngokuthi ngabe ulindele ukuthi kugcwale eMoses Mabhida njengoba kuzodlalwa imidlalo emibili yama-quarterfinal eCarling Knockout Cup ngoMgqibelo. Kuzoqala ngomdlalo we-Orlando Pirates neRichards Bay ngo3 PM, bese kulandela owaMaZulu FC neGolden Arrows ngo-7 PM. Abalandeli bazothenga ithikithi elilodwa babuke imidlalo emibili.
“Ngicabanga ukuthi kubalulekile ukuthi kube khona abalandeli kodwa kuya ngomuntu. Njengoba silana nje kunabanye (esho izintatheli) abahamba nelinye iqembu, abanye bahamba nelinye. Ngeke ukwazi ukuphoqa umuntu (ukuthi aseke iqembu lakho).
“Yingakho ngiyaye ngithi ebholeni umuntu uneqembu azifelayo ngalo. Ngeke ukwazi ukuphoqa abalandeli ukuthi behlale (ngemuva komdlalo weBucs neRich Boys). Kuyisinqumo sab.
“Okubuhlungu wukuthi uma ubuka umdlalo wethu odlule nje, besidlala ekhaya eHammarsdale (neKaizer Chiefs). Sayisa umdlalo eHammarsdale kodwa abantu babezobuka iqembu laseGoli, ngiyaxolisa ukukuveza lokho.
“Babehhewula iqembu lethu ngesikhathi sishubisa umdlalo, uyabona kodwa ukuthi laba bantu abasuki eGoli, abaseKZN.
“Ngiyaphinda futhi, ngeke ubakhethele. Thina asazi nokuthi ubani osibukayo ngoba sesijwayele ukudlala singabukwa muntu.”