Owayengumqeqeshi weMamelodi Sundowns ne-Al Ahly, uPitso Mosimane, usexwayise uRhulani Mokwena ngokuthanda ukuvela ezindabeni.
URhulani ungumqeqeshi omusha weWydad Athletic Club kulandela ukuhlukana neMamelodi Sundowns. Ufike ngesasasa eMorocco, abezindaba bamfuna ngapha nangapha, kanti nakuleli akakunqeni ukukhuluma nabezindaba nakuma-podcast.
UPitso usemxwayisile ngalokhu njengoba eseNorth Africa.
“Ngiyabona uRhulani uhlale esezindabeni. Ngicabanga ukuthi uyakuthanda lokho. Kumele akuqaphele nokho…akuyona indawo elula [ukuba sezindabeni]. Ngikhuluma ngento engiyaziyo,” kusho uMosimane ekhuluma nabezindaba ngemuva kokuhlonishwa ngeziqu zobudokotela kwezemidlalo e-University of Johannesburg ngoLwesithathu.
“Kuzomele ehlise umoya kancane eMorocco. Kuhlukile, akufani naseNingizimu Afrika ngoba zaqala zakubhedela izinto, ubhekana nenkinga. Kumele adlalele kude nabezindaba…ngisazokhuluma naye. Ngisalinde azinze.
“Uma kukhona akudingayo, uyazi singabangani, singaxoxa. Kumele athi ukuhlakanipha kancane ngoba izinto azifani naseNingizimu Afrika laphaya, uzofunda ngokushesha.”
UMosimane ukhuluma kanjena nje naye wathwala kanzima e-Egypt ngesikhathi epheka i-Al Ahly noma iqembu lakhe lalinqoba. Kwakunokungagculiseki ngamaqhinga kaPitso nebhola ayelidlalisa, kangangokuba ezinye izinkakha ze-Al Ahly zamsola ngokuwina ngenhlanhla. Noma kunjalo, amagalelo kaPitso ayaziwa eNorth Africa futhi baningi abamhloniphayo ngakwenzela i-Al Ahly.
URhulani ubhekene nomqansa wokuzama ukuwina isicoco seBotola Pro League esinqotshwe yiRaja Casablanca ingashaywanga ngesizini edlule.