I-Aston Villa ingase idalele amaqembu amaningi inkinga kwiPremier League ngesizini ezayo njengoba abanikazi bayo bekhombisa ukumeseka u-Unai Emery kwimakethe yokuthenga abadlali.

Lo mqeqeshi ugile izimanga kwisizini yakhe yokuqala ephelele kuleli qembu elifaka kwi-UEFA Champions League ngokuqeda kunombolo 4. Iqembu lakhe belingangena kwitop 3 ukube liqede isizini kangcono, okwenze abaphathi balo babona isidingo sokuqinisa iqembu.

IVilla isisayinise uCameron Archer, Kosta Nedeljkovic, Samuel Iling-Junior, Enzo Barrenechea, Ross Barkley, Jaden Philogene, Lewis Dobbin no-Amadou Onana ukuqinisa isikwati ngaphambi kwesizini ka-2024/25.

Leli qembu likhuphule imali elingayisebenzisa kwimakethe ngokudayisa uMoussa Diaby, oseyodlala eSaudi Arabia.

Ngokwemibiko yakamuva iVilla ibizimisele ngokusayinisa umdlali we-Atletico Madrid uJoao Felix, kodwa ngathi u-Emery usewushintshile umqondo ngaye njengoba kuthiwa sebebangisa iBarcelona uNico Williams.

IFC Barcelona isahamba phambili ezingxoxweni nalo mdlali kodwa kuyaziwa isanenkinga ezimalini futhi kungenzeka idinge imvume kwi-UEFA ukuze ikwazi ukumsayinisa. I-Aston Villa izoheha lo mdlali ngethuba lokudlala kwiPremier League nakwiChampions League, nangomholo omusha mhlawumbe iBarcelona engeke ifinyelele kuwo.

Njengamanje alikho iqembu eselichithe imali njengeVilla kwimakethe yabadlali, okukhombisa ukuzimisela kwayo ngaphambi kwesizini entsha.

IVilla izoqala isizini ngomdlalo ne-West Ham ngo-August 17.