Usihlalo wePSL u-Irvin Khoza usephumele obala ngokubambezele ukufika kwiVideo Assistance Referee (VAR), waveza nokuthi bacishe bayifaka ngesizini ka-2022/23.
UKhoza uthi ngoDisemba ngo-2022, phakathi nesizini ka-2022/23, abakwaMultiChoice bacela ukusiza iPSL ngeVAR uma inkinga kuyimali, kodwa kwabheda phambili sebekhuluma neSouth African Football Association.
“IFootball Association yasazisa ukuthi babili kuphela abantu abaqeqeshiwe ukusebenzisa iVAR kuleli. Ngenyanga edlule siphinde sakhuluma ngale ndaba, ngathi kunezinkinga ezikhona ekuqeqesheni onompempe ukuthi basebenzise iVAR.”
“IMultiChoice ngeke isasisiza manje. Sisazimisele ngokusebenzisa iVAR kodwa iSAFA eyathi izobhekana nayo, okuyinto efanele ngoba ibona abaphethe onompempe. Sizolindela ukuzwa kuyo.”
UKhoza uthe uyasibona isidingo seVAR kuleli ngoba kubuye kube nezikhalo ngezinqumo zonompempe. Uthe akanaso isiqiniseko sokuthi yinto abantu abasayifuna kodwa ngemuva kwendlela eshaye udaka ngayo kweminye imidlalo kwi-UEFA Euro 24, kanti nase-England bese besikaza ukuyigabha kusukela ngesizini ezayo.
Ngo-May nonyaka sabika ukuthi usihlalo weSAFA National Referees Committee uVictor Gomes uzimisele ngokiuqinisekisa ukuthi iyeza iVAR kuleli.
“Sibe nomhlangano muva nje, ngiyazi yinto esendleleni manje, Kuyashesha manje. Sikhuluma ngemali ezodingeka emasontweni amabili azayo, sikuleso sigaba manje,” kusho yena ngoMay.