Sphamandla Gumede

Sithole ukwesekwa abadlali bekhilikithi isilomo soMshwibi wamaProteas uLungile Ngidi obe ngundabuzekwayo ngenkulumo ebigqugquzela ukuthi iqembu lesizwe alikhombise ukweseka abantu abansundu ngaphansi kwesiqubulo iBlack Lives Matter.

Abadlali bekhilikithi abangu-31 nabaqeqeshi abahlanu abansundu ngokwebala bahlabeke umxhwele ngoNgidi njengoba bemesekile, bekhuluma ngokucwasana ngokwebala okukhona emdlalweni wekhilikithi kuleli.

UNgidi uhlokoloze inyoka emgodini njengoba egxekwe kakhulu abadlali asebathatha umhlalaphansi kumaProteas okubalwa kubo uRudi Steyn, Pat Symcox kanye noBoeta Dippenaar abaveze ukuthi zonke izinhlanga zibalulekile. Lezi zinkakha zibeke umzekelo ngokubulawa kwabalimi abamhlophe kuleli.

Abalandeli bebethukuthele beveva ezinkundleni zokuxhumana njengoba bevumelane noNgidi mayelana nesiphakamiso sakhe sokuzwelana nabantu abansundu.

Phakathi kwabadlali abebevikela uNgidi kukhona uPaul Adams, Herschelle Gibbs, JP Duminy, inkakha yomshwibi uMakhaya Ntini, Vernon Philander kanye no-Ashwell Prince.

Umdlali wamaProteas uLungi Ngidi osekwe abaningi nasezinkundleni zokuxhumana odabeni lwe-BLM olususwe ukucindezelwa kwabamnyama e-USA. Isithombe: Instagram/LungiNgidi

Laba badlali bakhiphe isitatimende beseka uNgidi.

“Sibonile indlela okugxekwe ngayo uLungi ngesiphakamiso sakhe futhi sithemba ukuthi inhlangano eyengamele ikhilikithi kuleli iCricket South Africa (CSA), ngokuhlanganyela nabadlali asebathatha umhlalaphansi nalabo abasezinhlelweni zamaProteas bazokweseka iBlack Lives Matter. Sibonile ukuthi labo abagxeka lesi siphakamiso abadlali asebathatha umhlalaphansi okukhona kubo uPat Symcox, Boeta Dippenaar, Rudi Steyn, Brian McMillan nabanye. Ayisimangazi imibono yabo futhi kungakuhle uma bengaphoselwa inselelo. Ngenxa yomlando weNingizimu Afrika, abadlali bekhilikithi abansundu bazithola becwaseka futhi bengaphathwa kahle ozakwabo enkundleni. Kumele siqonde ukuthi ukuba ngumuntu webala elimhlophe kunomthelela ekusabalaleni kokucwaswana ngokwebala.”