Sphamandla Gumede
Uhleka yedwa umdlali wamaSpringboks uCheslin Kolbe njengoba eveze ukuthi usesayine ngaphansi kwenkampani iRoc Nation Sports.
UKolbe (26) usayine nalenkampani ngemuva kokushaya into ecokeme ngonyaka ka-2019, nokuyilapho enqobe khona iNdebe yoMhlaba neqembu lesizwe amaSpringboks. UKolbe uphinde wamuka nesicoco seligi iTop 14 neqembu laseFrance iToulouse lapho asedlala khona.
Lomdlali ubhale lezi zindaba ezinkundleni zokuxhumana echaza ukuthi kufezeke iphupho lakhe futhi ujabule ngethuba lokuba yingxenye yeRoc Nation Sports.
“Alikho iphupho ongeke ulifeze. Ngijabule ngokusayina kwiRoc Nation,” kuloba uKolbe ku-Instagram.
UKolbe waqokwa njengomdlali ovelele kwiTop 14 waphinde wamuka nesicoco se-try evelele. Lomdlali wasophondweni uphinde waqokwa kubadlali bebhola lombhoxo abashaye into ecokeme emhlabeni wonke. Lesi sicoco sikhale semuka nomunye umdlali wamaSpringboks uPieter Steph Du-Toit.
IRoc Nation iphethwe isigwili esidabuka e-USA uSean Carter odume ngelika-JAY Z emculweni. Omunye umdlali wamaSpringboks ongaphansi kweRoc Nation uSiyamthanda Kolisi ubongele uzakwabo ekhasini lakhe ku-Instagram. Kubadlali bebhola bebhola likanobhutshuzwayo iphethe abadlali okubalwa kubo uKevin De Bruyne weManchester City.
View this post on InstagramNo dream is too big for you. Excited for this next chapter with @rocnationsports 🙏 #RocFam
A post shared by Cheslin Kolbe (@cheslin15) on
Lenkampani iveze ukuthi ukusebenza ngokuzikhandla kukaKolbe yikho okumzuzise ngalelithuba.
UMengameli weRoc Nation uMichael Yormack, uchaze kanje. “IRoc Nation ijabule ukusayina uChelsin, ongomunye wabadlali bebhola lombhoxo abahamba phambili, njengoba sizobe simsiza emsebenzini wakhe,” kuchaza uYormack.