Ayiphelile amandla iMamelodi Sundowns ekufuneni ubisi lwabadlali njengoba sekubikwa ukuthi isiqale phansi yeshela isibabuli seSuperSport United u-Aubrey Modiba. Lezi zindaba ziqinisekiswe iziko labezindaba iGoal.

Ngokusho komthombo osondelene noModiba, lamaqembu aseke axoxa ngalolu daba. Kubikwa ukuthi iSuperSport icele ukunikezwa isikhathi ukuze izokwazi ukubhekana nezindaba ezithinta iqembu.

“IDowns isiqalile ukukhuluma ngo-Aubrey futhi lamaqembu aseyaxoxisana ngezinhlelo zesizini ezayo. ISuperSport iyona ecele ukunikezwa isikhathi. IDowns izimisele ngokuthenga u-Aubrey futhi sekuyacaca ukuthi iqembu lakhe ngeke linqabe ukumdayisa,” kuchaza umthombo ecashunwa abeGoal.

IDowns ike yazama ukuthenga uModiba (24) ngewindi lokudayiselana ngabadlali ngoJanuwari kodwa yagcina ihlulekile ukumthola. Leli nxele ligcine lisayine inkontileka yeminyaka emine ngoFebhruwari, okuyisizathu esingenza kufunwe itshe lemali ngaye.

UModiba usehlale amasizini amane kwiSuperSport esuka kwiCape Town City. IDowns ibumba isikwati ezogadla ngaso ngesizini ezayo nje goba isicacisile ukuthi ifuna ukunqoba iCAF Champions League. Leli qembu laseChloorkop libuyise iphini lomqeqeshi uRhulani Mokoena, okuyinkomba yezinhlelo ezinkulu zeDowns ngesizini ezayo.

EzikaPitso sezilande uGrant Magerman noJody February kwi-Ajax Cape Town. IDowns iphinde yavuka ngoGeorge Maluleka obekwiKaizer Chiefs ngesizini edlule. Abanye abadlali abamataniswa neDowns uHashim Domingo, Deon Hotto noRocardo Goss okuvela ukuthi badayiswa iqembu labo iBidvest Wits.