Umqeqeshi weKazierChiefs uNasreddine Nabi uthi ngeke abajahe abadlali abasha beqembu abangakabonakali enkundleni kule sizini.

Lo mqeqeshi ubeke kanje ngaphambi komdlalo omqoka weChiefs neSekhukhune United. Okwenza lo mdlalo ushube yindlela omabili lawa maqembu aqale ngayo isizini njengoba elingana ngamaphuzu. Ozowina kusasa uzogudluza iMamelodi Sundowns esicongweni seBetway Premiership. Noma Amakhosi eyiqale kahle isizini, kusanenqwaba yabadlali abasha abangakabonakali enkundleni.

UNabi uthi ngeke ajahe ukubafaka bonke ngesikhathi esisodwa.

“Sizobafaka kancane kancane. Kunasebekulungele ukudlala, abanye bayela ngakhona…abanye abakakwazi ukudlala ngenxa yezizathu esesike saziveza phambilini,” kuchaza uNabi.

“UMaboe kade ehlinzwa emasontweni ambala edlule, u-Ighodaro ubelimele emasontweni ambalwa. Kufanele siyiqale indlela esibafaka ngayo eqenjini. Sinesikwati esikhulu manje esisondele kubadlali abawu-40, okusho ukuthi kufanele siyiqaphele indlela esiqoka ngayo abadlali.”

Abanye abadlali abasha abangakalitholi ithuba lokudlala kule sizini uNkanyiso Shinga no-Ethan Chislett.