Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso uthi uKhuliso Mudau usaqhubeka nokuxoxisana nabaphathi beqembu ngabakungabayo, kodwa ulindele ukuthi aqale ukusiza iqembu enkundleni maduze.

UMudau namanje akakabonakali edlalela iSundowns kule sizini. Uqale waduba ukuziqeqesha neqembu koda ngemuva kokwelulekwa wumqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos, ugcine eqoke ukubuyela ekuziqeqesheni neqembu.

“UKhuliso asikakwazi ukumsebenzi…usalungisa izinkinga zakhe neqembu, uziqeqesha kahle neqembu kodwa,” kusho uCardoso.

“Asikungabazi nakancane ukuthi uzosisiza maduze….uzimisele ngokudlala, nabantu abaphethe iqembu bazoqinisekisa ukuthi izingxoxo zihamba kahle.

“Maduze nje uzosisiza. Kunezinto ezimbalwa abazilungisayo, okuningi sekuxazululiwe…”

UMudau kulindeleke ukuthi aqale ukubonakala ebhentshini leDowns kusukela ngoLwesithathu.