Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi uthi azilime ziyetsheni ngokubhekana ‘nomngani’ wakhe uPablo Martin oqeqesha AmaZulu FC ngoba naye uyalazi ibhola lakhe.

UNabi ubeke kanje ephendula inkulumo kaCijimpi othe umazi kusukela kudala kwazise bake baqeqesha ndawonye eTanzania. Ngaleso sikhathi uNabi wayepheka iYoung Africans, uMartin ecija iSimba, okungamaqembu ayizitha.

Ekhuluma ngaphambi komdlalo uNabi uthe sebekwenze konke ukulungiselela lo mdlalo oseMoses Mabhida ngo-19:30 ngoLwesithathu.

“Ngiyamazi, uwumngani wami futhi ngesikhathi siseTanzania wayebalwa nabaqeqeshi abaphambili, ngiyawuhlonipha umsebenzi awenzayo,” kusho uNabi ecashunwa yiwebsite yeKaizer Chiefs.

“Sizobona kuzohamba kanjani. Ngiyethemba wonke umuntu uzowujabulela umdlalo. Siwubukile umdlalo odlule waMaZulu, sabona ukuthi aqine kuphi nezindawo esizibone ziwubuthaka esingazama ukungena ngazo.

“Sibuye sibhekene nezingqinamba esikhathi sokulungiselela imidlalo ngenxa yesikhathi. Ukuhlala isikhathi esingaphezulu kwesonto ungadlali kungakwehlisela umgqigqo…kodwa abaqeqeshi be-fitness benze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi abadlali basezingeni elifanele.

AmaZulu aqale isizini ngenduku eshaywa yiPolokwane City ngo 2-1 kodwa athola inqwaba yamathuba okwandisa amagoli kulo mdlalo.

IChiefs ngakolunye uhlangothi ivuke nge-win ishaya iMarumo Gallants, kodwa izoya emdlalweni wanamhlanje inengcindezi kwazise amanye amaqembu amakhulu anqobile izolo, edlala ingcwenga yebhola elihambisane namagoli.

NgoMgqibelo iChiefs izobhekana neMamelodi Sundowns eFNB Stadium ngo-3 ntambama.