Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro ufuna baqhubeke nokuzimisela abadlali abaqaliswe ebhentshini, bangena nomehluko emdlalweni weBetway Premiership bexebula iPolokwane City ngo 3-0 e-Orlando Stadium, ngoLwesibili.
U-Evidence Makgopa ungene esuka ebhentshini ngesiwombe sesibili, wavalela amagoli amabili aqede umdlandla weRise and Shine.
UMonnapule Saleng uvule amasango sekubuywe ekhefini, uMakgopa washayela isipikili sokugcina.
URiveiro wenze umzekelo ngoMakgopa osizwa ngendaba isikimu njengoba kuqaliswa uTshegofatso Mabasa.
“Ngijabule ngabadlali abaqaliswa ebhentshini. Balitakula iqembu sidlala eBotswana, basibuyisa emdlalweni owawunzima neChippa. Salekelelwa yibhentshi emlenzeni wesibili neJwaneng.
“UMakgopa udlale enkulu indima njengabanye abadlali ababekwa ebhentshini. Abadlali abaqaliswa ebhentshini bayakhombisa ukuthi bangalifela iqembu noma benganikezwa umzuzu owodwa,” kusho uRiveiro.
⚽️ FT | @orlandopirates 3 – 0 @polokwane_city
— Orlando Pirates (@orlandopirates) September 24, 2024
🥅 Saleng 55’, Makgopa 85’, 90+1’
⚫⚪🔴⭐#MatchDay#BetwayPrem#OrlandoPirates #OnceAlways pic.twitter.com/p6AGrXL5y4
URiveiro uncome uNkosinathi Sibisi noKarim Kimvuidi okungabanye abadlali abanikezwe ithuba esiwombeni sesibili.
“Kuyinto enhle ukubona abanye abadlali besebenzisa amathuba abawatholayo. U-Evidence, Karim noSibisi bakhombise izinga ebesilifuna ngesikhathi esibafake kuso.
“Kuyenzeka kubenzima ukunqoba noma siwuphethe umdlalo. Lapho kufuneka abadlali abasebhentshini ukuthi basilekelele emizuzwini esele. Ibalulekile imizuzu yokugcina engu-25 ebholeni,” kuchaza uRiveiro.
IPirates ayikaze ithole induku emidlalweni engu-9 uma kuhlanganiswa imiqhudelwano yeMTN8, CAF Champions League neligi kulesizini.
IBucs izovakashela iRichards Bay emdlalweni weligi olandelayo ozosingathwa eKing Zwelithini Stadium ngeSonto ntambama.