Iqembu lase-Egypt elinqobe iCAF Confederations Cup ngesizini edlule, iZamalek SC, selibhalele iCAF licela ukuthi kushintshwe unompempe weVAR, u-Abongile Tom, emdlalweni wabo weSuper Cup ne-Al Ahly ngoLwesihlanu.

Okhulumela iZamalek, u-Ahmed Salem, uthi bayambonga uTom, abanankinga nelinye ithimba lonompempe abanikezwe umsebenzi wokuqapha iVAR.

“Sinenkinga nokubakhona kuka-Abongile Tom emdlalweni we-Al Ahly neZamalek,” kusho yena ngokombiko kaMicky Jnr, olandela izindaba zeCAF.

“Sizwakalise ukukhathazeka ngonompempe ozothatha umdlalo, kanye nozophatha iVAR (uTom). Besinethemba lokuthi kuzokhethwa omunye futhi besizitshela ukuthi sizolalelwa.”

Ngaphendle kuka-Abongile Tom iZamalek izwakalise izikhalo nangonompempe ozophatha umdlalo u-Ibrahim Mutaz.

Lo mdlalo uzobanjelwa eKingdom Arena, eSaudi Arabia ngo-9 ebusuku.