Umqeqeshi omusha weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi usecele ukuthi abalandeli neqembu bamuphe isikhathi sokuthi ayipheke kahle into afuna ukuyivusa eNaturena ngemuva kokunqoba umdlalo wakhe wokuqala kwiBetway Premiership.
UNabi nezakhe baginqe iMarumo Gallants ngo 2-1 eFree State Stadium ngoMgqibelo ntambama. IGallants ikore kuqala kulo mdlalo ngegoli elivalelwe wuSekela Sithole ngomzuzu ka-8. IChiefs ibuye emdlalweni ngenqaku elishaywe wuMduduzi Shabalala ngomzuzu ka-17 ngemuva kwebhola elihle elifakwe wuBradley Cross.
Amakhosi aze ashaye igoli lokunqoba ngomzuzu ka-79, kukora uMfundo Vilakazi obesuke ebhentshini.
Okucacile kulo mdlalo wukuthi iChiefs ibibukeka ikulambele ukuwina futhi isezingeni elihle ngokwe-fitness noma ibhola likaNabi lingakangeni kahle hle kubadlali. IChiefs ishayele unozinti weGallants izikhawu eziwu-23 (8 on target) noma ibiphethe u-40% webhola.
Ekhuluma ngemuva komdlalo uNabi uvele ukunikezwa isikhathi sokuyakha kahle into aseyiqalile.
“Ngicabanga ukuthi into ebalulekile kakhulu ngomdlalo amaphuzu amathathu esibuye nawo,” kusho uNabi ekhuluma neSuperSport TV ngemuva komdlalo.
“Abadlali banomoya owodwa wokufuna ukuwina, ngijabule nganbadlali abasha. Kodwa ngisanomsebenzi omningi okusamele ngiwenza, ngisazopheka njengokusho kwabalandeli.
“Ngicela ningiphe isikhathi balandeli abathandekayo. Uma ningipha isikhathi ngiyethembisa ngizoniphekela into okumele niyithole eqenjini elikhulu. Kuningi engingajabule ngakho…kodwa kuhle ukuthi siwunqobile umdlalo wokuqala ukuze kukhuphuke umfutho kubadlali, kodwa kukhona okunye engisafuna ukukubona kubadlali.”
Inkulumo kaNabi ikubeka obala ukuthi kunezinto asafuna ukuqedela ukuzilungisa kwiChiefs okuyinto engase imthathe amasonto ukuthi azipholishe.
IChiefs izohlala isonto lonke ingadlali, ize ithole phezulu naMaZulu FC eMoses Mabhida Stadium ngoLwesithathu ka-25 September.