Njengoba kusalindwe umlawuli weSARS ophethe iRoyal AM ukuthi amamezele abanikazi abasha beqembu, omunye wabaholi beMK Party ozame ukuyithenga usephumele obala waveza ukuthi akuhambanga kahle.

UDavid ‘Mozolman’ Skosana oyilungu leMK ePhalamende kodwa onamava ebholeni lakluleli uthi usifakile isicelo sokuthenga iqembu kodwa usola sengathi awanelanga uR15 million awubekile.

“Besitshelwe ukuthi kuzoshaya u-4 ntambama (ngoMsombuluko) sesithintiwe, kodwa kuze kube yimanje umlawuli akakaxumani Nathi, okusho ukuthi asiphumelelenga, okuyinto esiyamukelayo,” kusho uSkosana engxoxweni neSowetan.

“Kuzoya ngokuthi ubani obeke imali ukudlula abanye, kuyacaca imali yethu ayanelanga. Besifuna ukuyisa iqembu KwaNdebele, kodwa siyethemba asazovela amanye amathuba.”

Ngaphandle kukaSkosana sekuvele nokuthi kunosomabhizinisi waseGreece ohlela ukubuyisa iBloemfontein Celtic ngokuthenga iRoyal AM. Lo somabhizinisi kuthiwa unobudlelwano nongqongqoshe wezemidlalo kuleli uGayton McKenzie owaphumela obala wathi izobuya maduze kwiPSL iCeltic.

Enkundleni yokuxhumana u-X kukhona asebebala noDJ ohlonishwayo kuleli uBlack Coffee kodwa akukho okubambekayo ngokumataniswa kwakhe naleli qembu.

Noma umlawuli engasigcinanga isimemezelo sokuthi uzoveza abanikazi abasha beqembu izolo, sikholwa wukuthi kuzokwenzeka kuleli sonto.