Owayengumqeqeshi weFree State Stars neYanga, uLuc Eymael, useqinisekise izingxoxo eziphakathi kweKaizer Chiefs nomqeqeshi emfunayo waseTunisia uNasreddine Nabi.

Sekunesikhathi iChiefs ishela lo mqeqeshi osepheka iFAR Rabat eMorocco, futhi kwasala kancane ajoyine ngaphambi kokuqala kwesizini edlule kodwa inkinga yaqala abaphathi beChiefs sebethi abafuni eze nethimba lakhe labaqeqeshi njengoba babefuna asebenzisane no-Arthur Zwane. Zwane loyo, wagcina exoshiwe, kwaqashwa uMolefi Ntseki, naye wahluleka, izintambo zanikezwa uCavin Johnson.

Ngesikhathi iqhubeka isizini abaphathi beChiefs bakuchitha ukuthi zake zaba khona izingxoxo phakathi kwabo noNabi.

Manje, sekuphindwe kwaqinisekiswa futhi ukuthi bayaxoxa.

“IKaizer Chiefs iyamfuna uNabi, ngino-95% wesiqiniseko ngalokho. Uma eqoka ukujoyina iChiefs manje ngeke asithole isicoco seligi yaseMorocco okuyinto engaba yishwa kuye ngoba uwumngani wami omkhulu,” kusho uLuc engxoxweni neKickOff.

“Usehlale esicongweni isikhathi eside kwiligi. Uke washiya iRaja ngamaphuzu ayisikhombisa kodwa isibaficile yabadlula, kusele umdlalo owodwa.

“Manje uNabi usefuna ukuya kwiKaizer Chiefs, ngiyazi bake bahlangana. Akukho engingakusho ngo-Alexandra Santos, ngagcina ngokumbona eqeqesha iqembu lakhe e-Angola…”

Lo mqeqeshi uqhube wathi iminyaka esichithwe yiChiefs ingasinqobi isicoco kufanele ukube ibe nzima kubaphathi bayo.

“ISundowns iyazenzela kwiligi yaseNingizimu Afrika, okungeyona into enhle.”

U-Eymael uthi uNabi wenza umsebenzi oncomekayo kwiYanga anqoba nayo isicoco seligi kwisizini yokuqala efikile. Uthi uma akwazi ukumelana nengcindezi yokuqeqesha iYanga, ehlale inenkundla egcwele uma idlala, uzokwazi ukumelana nengcindezi yokupheka iChiefs.

“ENingizimu Afrika ingcindezi uyizwa uma udlala neSundowns noma uma kuyiSoweto Derby. Akuvamile ukuthi kugcwale inqwaba yabalandeli ezinkundleni.

“Ingcindezi ukudlala phambi kwabalandeli abawu-60,000 kuwo wonke umdlalo.”